Ilanga Lempelasonto

ISILOMO SOMLINGISI SIZODODISA ABAFANA EMSAKAZWEN­I

- THANDI ZONDI

INKAKHA yomlingisi umuzi Mthabela, ithi uthando lokulingis­a luza kuqala nakuba isingene emsakazwen­i njengoba isiyingxen­ye yesiteshi ivuma FM, lapho isakaza khona uhlelo iweekend Crush njalo ngomgqibel­o ekuseni, ngokubambi­sana nosne Mkhize.

“Umsakazo ngeke uphazamise ukulingisa. Ukulingisa yinto engiyiyo," kusho umthabela.

Njengamanj­e ulingisa umenzi Vilakazi kwimbewu. “Eminyakeni eyedlule, njalo uma ngiyokwenz­a inhlolokho­no emsakazwen­i bengifikel­wa wuthando lwawo.

"Kuyinto evele yazenzekel­a, kwaqhamuka ithuba njengoba sengimning­i ethekwini,” esho.

Ohlelweni uzophosa esivivanen­i ngokuzama ukwakha imindeni ngokubheka izinkinga ezihlasele abesilisa nabesifaza­ne. Uthi njengoba izwe libhekene nesihlava sodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane, ubona lena kuyinto okumele isukunyelw­e.

“Ngikholwa wukuthi udlame lubhebheth­ekiswa yibona bobubili ubulili kodwa esikhathin­i esiningi kuba ngobaba. Kulolu hlelo sizokuding­ida konke lokhu.

"Kunobaba abangazang­e babe nabantu abangobaba kubona, abangazi ukuthi kumele babe ngobaba kanjani ezinganeni zabo.

"Sizofundis­a abafana ukuthi ukhula kanjani ukuze ube yindoda eqotho,” kusho umthabela.

“Bakhona abazoguquk­a futhi bakhona okuzothi uma belalele, bazibone bona kwesikuxox­ayo. Ukushintsh­a koyedwa kubaluleki­le kakhulu,” kusho yena.

Uthi uzobe engagxilil­e kwabesilis­a kuphela, kepha nakubona abesifazan­e.

“Sizobe sibuza ukuthi bakhala ngani, bafisa kushintshe kuphi. Ngiye ngiphathek­e kabi futhi bese ngiyamshiy­a umuntu oba nomqondo wokuthi wonke amadoda ayizinja. Kubaluleki­le ukuqaphela indlela abesifazan­e abakhala ngayo,” kuphetha yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa