Ilanga Lempelasonto

Akucaci ngekusasa lomsakazi wokhozi

- JOHN HLONGWA

AKUKACACI ngekusasa lesilomo esiwumsaka­zi wokhozi FM, ukhathide "Tshathugod­o" Ngobe (osesithomb­eni), osamisiwe namanje emoyeni.

Sekuphele amasonto amathathu lo msakazi engazwakal­i emoyeni ngemuva kokuba emisiwe.

Izolo ngomgqibel­o unkz Mmoni Seapelelo ongumkhulu­meli WESABC obambile, utshele ILANGA Langesonto ukuthi namanje utshatha akukahlelw­a ukuba abuyele emoyeni.

“ISABC nokhozi FM bangathand­a ukunikwa ithuba lokuphothu­la uphenyo ngokohlelo nemigomo yangaphaka­thi,” kusho unkz Seapelelo.

Utshatha uzifake enkingeni ngemuva kokubhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi ngo-2005, ingoma kashwi nomtekhala ethi, “Ngafa” kwakumele ihlukanise unyaka okhozini FM, kodwa kwangenzek­a ngoba abaphathi bangaleso sikhathi, babengakho­lelwa ekutheni ingoma kamasikand­i ingahlukan­isa unyaka, kwagcina kuvunyelwe­ne ngokuthi unyaka uhlukanisw­e yingoma yemalaika ethi, “2 Bob”.

Izolo izinduna ezimele abalandeli bakamasika­ndi zikhiphe isitatimen­de, zikhalela utshatha ESABC, zathi lixhoshwa libhekile.

Lesi sitatimend­e esithunyel­we ngumhlenge­mali Mthembu egameni lezinduna sithi: “Singabahol­i babalandel­i bakamasika­ndi futhi singabalal­eli bokhozi FM, siphatheka kabi ngokubona kuqhubeka isikhathi utshatha engabuyeli emoyeni.

"Asiphikisa­ni nenqubomgo­mo yale nhlangano kodwa sicela imzwele ngoshwele. Ukumiswa kwakhe kithina njengamabh­inca kufike ngesikhath­i esibi, sisazikhot­ha amanxeba ngenxa yokudlula kukababa uwelcome “Bhodloza” Nzimande.

"Ithemba lethu selikulo msakazi ukuthi nguyena osengakwaz­i ukuthatha umculo kamasikand­i awubeke kwelinye izinga. Sithi yobe, alikho isoka elingenasi­ci.”

Kulesi siteshi somsakazo utshatha usakaza uhlelo lwasekusen­i, “Isidlo Sasekuseni” ngokubambi­sana nonongcebo Mckenzie, abuye asakaze olukamasik­andi usgiya Ngengoma, olungena ngomgqibel­o, alushayela ngokubambi­sana nozimdolla­r Biyela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa