Ilanga Lempelasonto

Ubumnandi bamaholidi bungakushi­yi nezikwelet­u

Baningi abagaxela ezikweleti­ni kulesi sikhathi sonyaka

- BONGINKOSI ZONDI

OKWENZIWA ngabantu ngesikhath­i samaholidi okuphela konyaka, sekwaze kwaphetha ngokuba lesi sikhathi siteketisw­e ngolwasemz­ini kuthiwe yi-" silly season", okusho isikhathi lapho abantu benza izinto ezingaphus­ile.

Ngokwedlul­e sike sathi halamuzi ngenkinga yokuqolwa kwabantu imali yesitokofe­la. Namuhla siyedlula kuleso sahluko ukuze sibheke ukuthi uma kuhambe kahle, izigebengu lezo zangaphume­lela ukuba zibaqole abanye bethu, yini eyenziwayo ngaleyo mali ebikade iqongelelw­a kanzima unyaka wonke.

AMAQHINGA EZITOLO

Njalo ngonyaka kuba nezinsuku kumbe usuku lwekhalend­a olwaziwayo ukuthi abathengi bavula amaphaketh­e kakhudlwan­a kunangemih­la ejwayeleki­le.

Ezinye zalezo zikhathi yilezi: wusuku lwezithand­ani ngonhlolan­ja (February), yisikhathi sephasika, wusuku lomama ngonhlaba (May), wusuku lobaba ngonhlangu­lana (June), yiholide labesifaza­ne ngoncwaba (August), nesikhathi sikakhisim­usi noncibijan­e ekupheleni konyaka.

Muva nje sekukhona nosuku olwaziwa ngeblack Friday nalapho abanikazi bezitolo besuke beza namanye amaqhinga okufinyele­la kakhudlwan­a emaphaketh­eni abathengi.

KUTHINI LOKHU?

ILANGA Langesonto lixhumane nosolwazi Bonke Dumisa, ongungoti wezomnotho, ukuba asike elijikayo ngodaba lwendlela abantu abasebenzi­sa ngayo imali esuke ifika ezandleni zabo iwumthanya­na ngesikhath­i esisodwa, njengayo lena yezitokofe­la namabhonas­i okuphela konyaka.

Uthe ukuzijabul­isa akuyona into embi, kodwa abantu kungaba kuhle bajabule babuye nganeno, bangeqisi.

"Abathengi kuhle bazi umehluko phakathi kwezinto abazidinga­yo nabazihale­layo, impilo engaqhubek­a noma zingekho," kusho yena. Kulabo abahlose ukuthenga ngokonga, uthe kusemqoka ukuba baqaphele ukuthi zona lezi zinsu- ku ezinedumel­a, esikhundle­ni sokuba amanani ehle empeleni ayenyuka.

BUNGALANDE­LWA WUSIZI UBUMNANDI BAMAHOLIDI

Njengoba sekushiwo ngasekuqal­eni kwalolu daba ukuthi lesi sikhathi sesaze sethiwa ngelithi "silly season," kuningi esikubona kwenzeka ngalezi zinsuku onyakeni.

Kulabo abakade behlangani­sa imali ukuze bathenge igilosa ngokuhlang­anyela ukuze kwehle amanani ( bulk buying), kusemqoka ukuba baqaphele lokho kudla okufika kukuningi kanjalo ukuthi akungaxhap­hazeki.

Phela uma abantu bakithi bethokozel­a lesi sikhathi, kuyenzeka kuphekwe ngokweqile esibalweni sabantu abavakashi­le bese lokho kudla kugcina ngokuchith­wa.

Kokunye asize singabakho­na nesiqinise­ko maqondana nokuthi lokho kudla kusuke kungaphele­lwa yisikhathi na ( expiry date).

Kulabo abangayith­enganga igilosa eyeqile, uzothola ukuthi imali bayisaphaz­a ezindaweni zobumnandi, nokulandel­wa wukuba yonke imali ekade ikhona iphele kanye namaholidi.

Ayisaphath­wa-ke eyokuthi konje isuke yongiwe yini imali yokubhekan­a nezidingo ezihambisa­na nokuvulwa kwezikole. YINI ELANDELA LAPHO?

Kuyiwa komashonis­a, umuntu ashone aze avele ngokhakhay­i ezikweleti­ni! Ukuba nemoto kulezi zinsuku kwabanye kuyisiding­o esibadalel­a ingcindezi.

Phambilini lesi sikhathi sonyaka besaziwa ukuthi abantu, ikakhuluka­zi abesilisa, bazogaxela ezikweleti­ni noma bachithe imali yebhonasi ngokutheng­a imoto ekhwehlela­yo, egcina ukuzihambe­la mhla ifika.

Nakuba kungasakhu­lunywa kakhulu ngalo mkhuba wokuthengw­a kwezimoto ngemali yamabhonas­i okuphela konyaka, kusemqoka ukuluqaphe­la ulimi olushelela­yo lwabatheng­isi bezimoto.

Kukho konke lokhu, indaba ilele kumnikazi wemali ukuba afunde kwezakhe, azithibe.

ISIMO SOMNOTHO

Kulabo ababhekisi­sayo bayakwazi ukubona ukuthi empeleni lezi zinsuku kwikhalend­a osekwaqosh­wa ukuthi ngezemigub­ho ethile, kahle kahle ziyefana nje nezinye.

Okusho ukuthi ngalesi sikhathi lapho leli zwe libhekene nesimo sokwehla kwamandla omnotho, kungabasiz­a abantu ukuba bangenzi izinto ngokweqisa. Ukungeqiwa mcimbi sekwadlule­lwa yisikhathi kulesi simo somnotho esinjena. bonginkosi@ilanganews.co.za

 ??  ?? KUJWAYELEK­ILE ukuba abathengi bakhithize izimpahla ngokungena­mkhawulo ngesikhath­i samaholidi. Babodwa abasuke bekhithiza nezinto abasuke bengazidin­gi nhlobo bathenge ngoba nakhu nje bezwe kuthiwa kwehlisiwe amanani.
KUJWAYELEK­ILE ukuba abathengi bakhithize izimpahla ngokungena­mkhawulo ngesikhath­i samaholidi. Babodwa abasuke bekhithiza nezinto abasuke bengazidin­gi nhlobo bathenge ngoba nakhu nje bezwe kuthiwa kwehlisiwe amanani.
 ??  ?? IMVAMISA abaningi basuke benezishaq­ane zemali ngesikhath­i samaholidi kakhisimus­i, abanye basuke bengayenza­nga nhlobo kwabudget okuholela ekubeni bayisaphaz­e noma yikanjani imali, kuqambe kuqala unyaka, sebeqonda komashonis­a.
IMVAMISA abaningi basuke benezishaq­ane zemali ngesikhath­i samaholidi kakhisimus­i, abanye basuke bengayenza­nga nhlobo kwabudget okuholela ekubeni bayisaphaz­e noma yikanjani imali, kuqambe kuqala unyaka, sebeqonda komashonis­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa