Ilanga Lempelasonto

Gqoka ngendlela ehambisana nesakhiwo somzimba wakho

- EZESIMANJE AYANDA BUTHELEZI

IMFIHLO yomuzwa wokuzizwa kahle unokuzethe­mba uma ugqokile, kayincikil­e ekutheni ube yisazi sezemfashi­ni, kodwa ilele ekutheni usiqonde isimo sokwakheka komzimba wakho.

Isisho esidume kakhulu kwezemfash­ini sithi kakuyi ngokuthi ugqokeni, kodwa okubalulek­ile wukuthi ukugqoke kanjani.

ILANGA likhulume nosindi Shangase, ongumphath­i wedurban Fashion Fair, okuwuphiko olwengamel­e ezemfashin­i ngaphansi kukamasipa­la wetheku, osicobelel­e ngamathiph­u ambalwa uma ugqokile.

“Yizinto ezincane ezenza ukuba impahla ikuhlale thaqa, njengokwaz­i ukugqoka okuhambisa­na nendlela umzimba wakho owakheke ngayo.

"Ukugqoka kumayelana nomyalezo osuke ufuna ukuwedluli­sa nangendlel­a ofuna ukukhunjul­wa ngayo.

“Ngemfashin­i uyakwazi ukushiya isithombe esithile ngawe kuze kuthi noma umuntu engekho eduze kwakho, kodwa uma ebona into ethile avele ayimatanis­e nawe ngenxa yokuthi uyaziwa ukuthi lesi sitayela ngesakho,” kusho yena.

Uthe kubaluleki­le ukuba uma ugqokile ungabuki into egqokwe ngomunye umuntu bese uyayihalel­a ngoba kungenzeka ingahlali ngendlela efanayo kuwena.

Ngokusho kukasindi abantu kumele bakuqonde ukuthi kabakhiwe ngendlela efanayo, okusho ukuthi kumele umuntu nomuntu agqoke okuhambisa­na nesakhiwo somzimba wakhe.

Uma unesifuba esincane, ungasondel­i kuma- t-shirt ango-vneck ngoba adonsa amehlo emabeleni.

Funda ukugqoka okuhambisa­na neminyaka yakho, yize lokho kungasho ukuthi sekufanele ube ngu'magogo'. Impahla owawuyigqo­ka uzibone futhi uzizwe ushisa ngesikhath­i useneminya­ka eko-20 kungenzeka ingabe isahambisa­na nokushints­ha komzimba wakho uma usuko-30 kuya phezulu.

Uma wakhiwe wavuleka kwesingeza­nsi, ngeke zikufanele iziketi ezinama- pleat ngoba azohlakaze­ka kungabe kusabukeka kahle.

Uma uthenga okwangapha­nsi, qiniseka ukuthi uhlale uzikala, kwazise umzimba uyashintsh­a ngokuhamba kwesikhath­i.

Uma ugqoke u- bra, kumele amabhande ahlale ngendlela engakukhan­dli. Akumele amabhande kube sengathi uwatetile futhi kumele amabele ame mpo uma uwugqokile, angakusind­i.

Uma ugqoke izimpahla eziyilow cut, ungalokoth­i ugqoke isikhindi sangaphans­i esiyi- full.

Uma unamahlomb­e avulekile ungayigqok­i into enezimpont­shi ngoba uzobukeka sengathi uyandiza.

Olunye ulwazi olucashunw­e kwi-daily Mail, luthi uma unemilenze emifushane kuyasiza ukugqoka ama- stiletto ukuze ulule umzimba uphinde ubukeke sengathi unemilenze emide.

ayandab@ilanganews.co.za

 ??  ?? ZAZI isakhiwo somzimba wakho ukuze uwugqokele ngendlela ehambisana nawo njengakule­zi zithombeni, ukhumbule ukuthi uma ukhula ngeminyaka, nomzimba uyashintsh­ashintsha.
ZAZI isakhiwo somzimba wakho ukuze uwugqokele ngendlela ehambisana nawo njengakule­zi zithombeni, ukhumbule ukuthi uma ukhula ngeminyaka, nomzimba uyashintsh­ashintsha.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa