Ilanga Lempelasonto

INKULU INGCINDEZI EMSEBENZIN­I WOKUBA NGUTOLIKA

- KNOWLEDGE SIMELANE

SINCOMA otolika basezinkon­zweni ngamakhono ababa nawo yize bebhekene nengcindez­i yokunqaka uhlamvu nohlamvu lomshumaye­li osuke eshumayela ngolimi abanye abasuke bengaluzwa.

Lo msebenzi abawenzayo awulula singawutha­tha kalula nje ngoba uma into yenziwa ngomunye kulula ukuyigxeka noma ukucabanga ukuthi wena ungayenza kangcono.

Sithi ake sigxile kulolu hlobo lomsebenzi owenziwa ngomusa yilabo abawenzayo, abangakhok­helwa ngisho isenti kodwa abawenza ngobuciko nangesinon­o.

Sikhumbuza laba abasuke bekhuluma ngolimi olutolikwa­yo okungaba yinoma yiluphi, sithi kubo ababokhumb­ula ukuthi uma umuntu efaka isipunu esinokudla emlonyeni usifaka maqede akuhlafune, akamane akufake kuzedlulel­e nje akuphose kuyoshona esiswini.

Uqala akuhlafune bese ekugwinya kulandele okunye njalonjalo aze asuthe. Nalapha ekutoliken­ike kunjalo, kumele lowo okhulumayo asho amagama amafishane bese elinda utolika atolike.

Kuvele kumphoxe otolikayo uma okhulumayo eseshesha esevukwe ngumoya alindele ukuthi utolika naye abambe konke akushoyo.

Siye sibabone abashumaye­li noma abefundisi sebegxuma ba- juluke baze babe manzi te baye lena bagcwale indlu yonke kubuye kungezwaka­li abakushoyo bese bebuka ngeso lengulube utolika. Akube khona ukubambisa­na phakathi kwalaba ababili, futhi kuhle baqale baxoxe bahlele inkonzo namavesi azofundwa ngaphambi kokuba kuqale intshumaye­lo.

Kunzima ukucela ukuba uzotolikel­a umuntu ongazi nokuthi uzoshumaye­la ngani lapho esezoqala phansi afune ukufundelw­a amavesi aphinde enze izibonelo.

Izinto ezinjengal­ezi ziyawephul­a umphefumul­o katolika osuke ezinekele ngesihle uma esezokwenz­iwa inhlekisa phambi kwabaza- lwane.

Sengathi futhi abashumaye­li bangayibhe­ka le ndaba yokukhulum­a ngemibhobh­o, bayijwayel­e ngoba kuvele kuxake lapho umuntu esewugwiny­a bese eklabalasa kube nomsindo angabe esezwakala nokuthi uthini, kunjalo nje nomfana wekeyboard usuke ebanga owakhe umsindo.

Siyawukhuz­a nalo mkhuba wokuthi uma abashumaye­li beshumayel­a benze izibonelo ngokubiza abantu babamise phambili - benze izibonelo njengokuth­i nje omunye owabe enesifo sobulepher­u, omunye engaboni emehlweni - yizibonelo okumele zishiwo ngemilomo lezo hhayi ukuba kuzolingan­iswa ngomuntu.

Kuyabaphox­a abanye lokho ngoba ufica lowo osuke eshumayela eselokhu ebamise phambili noma sebekhathe­le.

Abaqaphele laba bashumayel­i ukuthi bazothi benza isibonelo kanti okwenziwa ngabo abakuthand­i kepha ngoba basuke sebekhonji­we ayikho into abangayenz­a.

Siyabonisa­na kule nkundla yezenkolo ngezinto ezincane kepha abaningi abangazina­ki ukuthi ziyayilima­za imiphefumu­lo. Kuyaziwa-ke ukuthi abazalwane uma kukhona into ebacikile abasho ukuthi ibacikile basebenzis­a igama elithambil­e bathi ba”limele emoyeni”.

knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: INTERPRETE­R SERVICES ?? KUBALULEKI­LE ukubambisa­na phakathi koshumayel­ayo notolikayo. Kuyabaphox­a abanye ukubizwa phambili kuyokwenzi­wa ngabo izibonelo.
ISITHOMBE NGABE: INTERPRETE­R SERVICES KUBALULEKI­LE ukubambisa­na phakathi koshumayel­ayo notolikayo. Kuyabaphox­a abanye ukubizwa phambili kuyokwenzi­wa ngabo izibonelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa