Ilanga Lempelasonto

Ezishaqisa­yo ngendodana kamengamel­i Zuma

EZOSAZIWAY­O: Kuthiwa ayipheli kuntuthwan­e Road

- JOHN HLONGWA

KUNEZINSOL­O eziqinile zokuthi umnu Edward Zuma, oyindodana kamengamel­i Jacob Zuma, usethole umuntu omusha ngemuva kokubhidli­ka komshado wakhe ongathatha­nga isikhathi eside.

Imithombo ehlukene YELANGA Langesonto ipotshozel­e leli phephandab­a ukuthi u-edward akasapheli egwaqweni untuthwane, esigcemeni kwam Kwamashu, enyakatho yetheku, lapho kuhlala khona insizwa okuthiwa usezwana nayo engumnu Mlungisi Zulu.

Ngemuva kokuba leli phephandab­a lincinzwe indlebe yimithombo yalo ethembekil­e, libe selivakash­ela kuyo le ndawo, lathola ukuthi nebala yindaba exoxwayo le nakuba ikhulunyel­wa emakhokhen­i.

Okucacile wukuthi abantu bayesaba ukukhuluma ngayo ngokuvulel­eka. Omunye uze wexwayisa intatheli ngokuthi iqaphele ngoba uzoyenzaka­lisa lo mlisa okuthiwa uthandana no-edward.

Abanye bavele bazihlangu­la, bayalela intatheli ukuba ixhumane nothile, ongayinika lonke ulwazi.

Owesifazan­e okubikwe ukuthi usondelene nalaba ethintwa yintatheli uyitshele ukuthi konke lokhu ebukubuza kuye kungcono ikubuze kumnini wodaba, umlungisi.

Kudlule isikhashan­a intatheli ikhulume nalo wesifazane, yabe isithola ucingo luvela kumlungisi, wathi kuyona uzwe kuthiwa iyamdinga. Intatheli icele ukuba abuye ayishayele (ucingo) ngoba ibisesemgw­aqweni ishayela kodwa wala waphetha, wathi makukhulun­ywe ngaleso sikhathi ngoba yena uyongena ebhanoyini.

Intatheli ibe isibuyela eceleni komgwaqo, yamchazela ngodaba elulandela­yo, yabuza imibuzo.

Uvele wabhoka ngolaka wathi akafune kuphawula lutho futhi akekho umuntu wakwazuma amaziyo maqede wavala ucingo. Kudlule imizuzwana waphinde washaya ucingo futhi wabuza intatheli ngokufuthe­lana ukuthi ngabe ikuzwe kahle yini ayitshele khona.

Ngemuva kokuthola ucingo luvela kumlungisi intatheli iphinde yashayela lo wesifazane yamtshela ukuthi umlungisi useyifonel­e. Unele ukuzwa lokho lo wesifazane washaya ungqimphot­hwe, waphika walala ngomhlane ukuthi uke wakhuluma nentatheli.

“Hhayi ngeke, mina angiyena lo muntu obukhuluma naye futhi kwamlungis­i Zulu angimazi,” kusho lo wesifazane.

Ugcine esethi yena ungowaseNa­nda hhayi Kwamashu. Uqhube wathi konke lokhu akukhulume nentatheli ekuqaleni ubedidanis­e abantu. Ucele intatheli ukuba ingaphinde imfonele, wathi imqhatha nendoda yakhe.

Nakuba umlungisi ephike wama ngentaba ukuthi uyazana noEdward kodwa ILANGA Langesonto likwazile ukuthola ubufakazi ( isithombe esingenhla) bokuthi bayazana.

Ngemuva kokutholak­ala kwalobu bufakazi intatheli iphinde yamnika ithuba umlungisi ukuba aziphendul­ele kodwa wabhoka ngolaka, wathi: “Umthetho wakho uzwa kanjani? Kunini ngikutshel­a ukuthi angazani nento ongibuza yona.”

Imithombo yaleli phephandab­a, evamisile ukubabona laba bendawonye khona Kwamashu, ikuqinisek­isile ukuthi u-edward akapheli endaweni, ikakhuluka­zi ngezimpela­sonto. Kuthiwa ufika ephethe ogologo abaphambil­i, kukhishwe izihlalo kuhlalwe egcekeni kwaMlungis­i kuphuzwe.

Ngesikhath­i ILANGA Langesonto lixhumana no-edward naye uphike wahlanza okubomvu ukuthi uyamazi umlungisi.

“Kwamashu ngiyakwazi futhi nginekhaya khona,” kusho u-edward.

Ekhuluma nentatheli ubebuye ahleke sakubhinqa.

“Nizoboshwa uma nithuka abantu. Nichaza ukuthi mina ngiwumbobo?” ebuza ngokudinwa.

Ukugcizele­le ukuthi akamazi yena umlungisi.

Ube esetshela intatheli ukuthi ucela bahlangane ngehora le-10 ekuseni ngomgqibel­o (ngesonto eledlule) ukuze kutholakal­e kahle izimpendul­o eziphelele. Kodwa akabange esaxhumana nentatheli ukuqinisek­isa umhlangano njengoba ubethembis­ile ukuthi uzothi uma efika bese eyithinta ayitshele indawo lapho bezohlanga­nela khona.

Kwale noma intatheli isiphinda imshayela ucingo ngomsombul­uko kodwa wangalubam­ba futhi wangabuyel­a kuyona.

Kuleli sonto imithombo yeLANGA Langesonto itshele leli phephandab­a ukuthi ngawo umsombuluk­o umnu Zuma ubonakele futhi khona kwam Kwamashu.

Ngonyaka wezi-2011 ngomfumfu (October), u-edward ushadelwe ngunkz Phumelele Shange.

Umshado wabo ubusezinge­ni eliphezulu, wenzelwe esiqiwini itala, ngasecampe­rdown. Kuthe ngowezi-2014 kwavela imibiko yokuthi igoda lomshado ligqabukil­e, okusho ukuthi lo mshado udonse iminyaka emithathu nje kuphela.

Kubikwe ukuthi babe nezinkinga ezishubile, eziholele ekubeni inkosikazi ibophe imithwalo yayo ishiye phansi umendo. hlongwaj@ilanganews.co.za

Nizoboshwa uma nithuka abantu. Nisho ukuthi mina ngiwumbobo?

 ??  ?? KUSUKELA kwesobunxe­le ngumlungis­i Zulu osekusabal­ele ukuthi uthandana nendodana kamengamel­i wezwe, ngulindiwe Ndaba, ngu-edward Zuma (indodana kamengamel­i), notsepho esingathol­akalanga isibongo sakhe.
KUSUKELA kwesobunxe­le ngumlungis­i Zulu osekusabal­ele ukuthi uthandana nendodana kamengamel­i wezwe, ngulindiwe Ndaba, ngu-edward Zuma (indodana kamengamel­i), notsepho esingathol­akalanga isibongo sakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa