Ilanga Lempelasonto

KUYETHUSA OKUVEZWA NGUTEKO ENCWADINI

- NHLANHLA HUDLA

KUSHAYISA ngovalo okudalulwa nguteko Modise encwadini yakhe lapho eveza khona nokuthi esagijimel­a imamelodi Sundowns kunesikhat­hi lapho ebequdulel­wa khona ngupitso “Jingles” Mosimane ocija le kilabhu.

Umodise ushiye idowns ngasekuphe­leni kwesizini edlule wajoyina icape Town City. Kule ncwadi eyethulwe kuleli sonto esihloko sithi: The Curse of Teko Modise, lesi silomo siveza ukuthi kuneminyak­a emibili ephele bengakhulu­misani nomosimane. Sithi saze sacela umhlangano kubaphathi ukulungisa lolu daba kodwa umosimane akaze athi vu nakuwona.

Sibuye saveza ukuthi sisekwiOrl­ando Pirates izikhulu zayo zasitshela ukuba sihlukane nokuza ejimini sihamba ngemoto yaso ephambili, i-aston Martin.

Sithi zathi lokhu kuzohlukan­isa phakathi ikilabhu. Sithi saze saphoqelek­a ukuba le moto siyinikeze imenenja yaso, ujazzman Mahlakgane ukuba ayisebenzi­se. Sithi nomahlakga­ne wethuka uma simnika yona. Umodise usola ipirates ngokungazi­gcini izethembis­o eyazenza imsayinisa zokumkhulu­la nxa kunekilabh­u yaphesheya emfunayo nokumnika ijezi elingunomb­olo 10 ukuba alisebenzi­se. Uthi wafunwa yipanathin­aikos yasegreece, watshelwa ukuthi le kilabhu iphuma ezweni elibhedayo kunobhutsh­uzwayo.

Emuva kwalokho uthi kwaqhamuka i-osasuna yasespain ifuna ukumsayini­sa ngaphandle kokumhlola wanqatshel­wa okwawubula­la umphefumul­o wakhe kumabhakab­haka.

Uthi kumthathe unyaka nesigamu ukuloba le ncwadi atshele abomsakazo wasegoli ukuthi konke okukuyona kuliqiniso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa