Ilanga Lempelasonto

Gqoka uphole uma usebhishi

- THANDI ZONDI

MANJE sekucacele noma ngubani ukuthi lethwese ihlobo. Sekuyisikh­athi sokuba abantu bagqoke izimpahla ezishayisa umoya, ezinhle, ezinemibal­a ekhangayo.

Kungabe uya eholidini, mhlawumbe uyazikhiph­a uyoshaywa wumoya olwandle, noma kwiswimmin­g pool yasekhaya, kodwa okusalayo wukuthi kumele ubukeke kahle, uhambisane nesikhathi sehlobo.

Uma sekuyilesi sikhathi baningi abafisa ukwazi ukuthi bangazigci­na kanjani bebahle, bagqoke ngendlela ehambisana nehlobo nesikhathi sokunethez­eka.

Umamsie Mkhwanazi ongumsiki wengqephu welebuli i-afroluciou­s Designs, uthi akuqapheli­le wukuthi abantu abeve sebegqoka kahle muva nje uma bezikhiphi­le.

Lokhu kwenzeka ikakhuluka­zi uma abantu bevakashel­a ebhishi, ukuba bagqoke ngendlela efanele.

Uthi kungenzeka ukuba izinkundla zokuxhuman­a ezifana no-instagram zinomthele­la ekuchushis­eni abantu ngamasu okuthi bangazigci­na kanjani bebukeka kahle futhi besesitaye­leni.

Umamsie uthi kulo nyaka wezi2017 ama- maxi dress angenisile, yimibala e- floral, yi- beach pyjama style nemibala egqamile.

Uthi kwabesabay­o ukuveza imizimba yabo ebhishi kunama- gown akhiwe ngendwangu ye- chiffon okwazi ukuba uzigqokele wona ngaphezulu kwe- bikini noma i- swimsuit.

“Ophaqa, i- straw hat, amasunglas­ses ne- sunscreen akusali ngaphandle.

"Abasuke bethatha izithombe ebhishi kumele baqaphele ukuthi kabanikezi abantu abangabazi amafoni ukuba babashuthe njengoba kungathemb­akele muntu,” kwexwayisa umamsie.

Uma ukhetha into ozoyigqoka ebhishi yenza lokhu okulandela­yo:

Khetha ukuthi ufuna ukugqoka isitayela esinjani

Thola i- bikini oyithanday­o ekwenza ukhululeke uma uyigqokile.

Khetha ukuthi ufuna ukugqoka into ezokwemboz­a noma cha.

Yengeza ngokokuhlo­ba ( accessorie­s) ukuze ubukeke kahle.

Amathiphu ngezimpahl­a ezihambisa­na nebhishi:

Khetha uhlobo lwendwa- ngu kakotini esikhundle­ni se- synthetic

Indwangu e- synthetic ikwenza ujuluke uma kushisa, yingakho ingafanele ukugqokwa ebhishi. Khetha imibala egqamile ukuze uxoshe ilanga.

Isigqoko

Isigqoko asilungele nje ukuvikela ilanga kuphela kodwa sikwenza ube sesitayele­ni uma usigqokile.

Ungakhetha isigqoko esakhiwe ngendlela ethandwa nguwena kodwa lezi ezibizwa ngama- straw hat yizona ezihamba phambili.

I-maxi dress

Uma ufuna ukubukeka usesitayel­eni ebhishi, gqoka enama- stripes amakhulu nesigqoko, nakanjani amehlo abaningi azobe ejika nawe.

I-kaftan

Yinhle kakhulu uma uzoyigqoka ne- swimsuit. Ngokujwaye­lekile yenziwe ngohlobo lwendwangu oluthambil­e futhi olukhanyay­o nokuyinto enhle ezokwenza ukuba uzizwe upho- lile nomoya ukushaye kahle.

Okokuhloba (accessorie­s)

Ungenzi ihaba uma uhloba. Uma kuyiwa ebhishi kasikho isidingo sokukhipha konke onakho. Faka nje okuncane futhi imihlobiso eyakhiwe ngensimbi iyashesha ukushisa uma kunelanga nokungadal­a ukuba ikushise isikhumba.

Khumbula ukuthi kasikho isidingo sokuba ugqoke i- swimsuit noma i- bikini uma ungathandi. Ungagqoka ingubo epholile, i- short ne- bikini top, i- jumpsuit noma i- maxi dress, i- denim short namasandal.

 ?? ISITHOMBE NGABE: PEOPLE MAGAZINE. ?? BUKEKA ngendlela okuyiyo kuleli hlobo uma uvakashele ebhishi. Lona nguboity Thulo.
ISITHOMBE NGABE: PEOPLE MAGAZINE. BUKEKA ngendlela okuyiyo kuleli hlobo uma uvakashele ebhishi. Lona nguboity Thulo.
 ?? ISITHOMBE NGABE: I.PINIMG.COM ?? UNOMZAMO Mbatha egqoke ngendlela ekwazi ukufihla umzimba.
ISITHOMBE NGABE: I.PINIMG.COM UNOMZAMO Mbatha egqoke ngendlela ekwazi ukufihla umzimba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa