Kuyadumaza ukuklolodelana kwamalunga E-ANC
IKHOHLISANA ihlomile inhlangano ye-african National Congress ANC Kwazulu-natal njengoba kusenzima nokuba kuphele inhlabay ehlukane ngombango wobuholi kulesifu ndazwe.
Ngaphandle kwalo mbango kusazovela okunye ukwehlukana phakathi ngenyanga ezayo lapho amagatsha athile asethekwini Region efuna ukuphumela obala kuphakanyiswe igama likamnu Jeff Radebe ongungqongqoshe ehhovisi likaMengameli ukuba angenele esobungameli bale nhlangano. Sesingakuveza ukuthi lo moya wokuphakanyiswa kwegama likamnu Radebe uqale ukuvunguza nyakenye kepha indaba ikhulunyelwa phansi. Amagatsha asegoli ayiveze le ngqumunga ezinyangeni ezedlule kepha KwazuluNatal awakhona abesayinyenyeza esikhotheni.
Kulahlisa ithemba nokho ukuba kuthi sekusemome ukuba kuyiwe kwinkomfa yangozibandlela (December) lapho kuzobe sekucaca ukuthi ngubani ozolandela umnu Jacob Zuma, bese kuqala phansi ukungezwani. Esikubone kwenzeka emgungundlovu ngesikhathi kuqhubeka icala, kusidumazile ukuthi namanje kusekhona ukuklolodelana kwamalunga enhlangano eyodwa esifunda esisodwa ekubeni besizwa zolo lokhu kuthiwa kwakhiwa ubumbano ngisho emhlanganweni obusongoye ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Besisababaza okwenzeke ephalamende likazwelonke lapho amalunga esishayamthetho angama-25 ejikele iqembu lawo avota namaqembu aphikisayo okuyinkomba yokuthi kunuka uhlofu kule nhlangano kamnu Nelson Mandela ayiboshelwa iminyaka engama-27 erobben Island. Noma singazi ukuthi kwenzekani kweliphezulu sizwa ukuthi nabo belapho bayazibona izinto ezenzeka kwamhlaba badumale uma sekusets henzelwa emuva okwezinkukhu. IkwazuluNatal yiyona obekwaziwa ukuthi inamalunga namagatsha amaningi ukwedlula ezinye izifundazwe. Bekwaziwa futhi ukuthi uma kuyiyo ethwele ngeqoma oqokiwe nakanjani uzowudla umhlanganiso, uma kunje kawasekho lawo mathemba.
Umbuzo uthi uma inkantolo ingakhipha isinqumo ezosikhipha siyowubhula yini umlilo osha ubuhanguhangu noma sizowenza ubhebhetheke kakhulu ube ngowequbula. Kasikhohliwe ukuthi zisabhibha izilonda zabathile kuleli qembu abakhishwe ngesidlozana ezikhundleni zabo okuwumphumela wokuyisana ezinkantolo. Sengathi amalunga ale nhlangano angacabangela yona kunokuzi cabangela wona nokuthi azozuzani.
Selokhu kwathi nhlo ukuhlakazeka komndeni kungenisa isitha ekhaya. Mayehle imimoya kwemukelwe noma yisiphi isinqumo esiyothathwa yinkantolo ukugwema ukubukana ngeziqu zamehlo kwabantwana bendonda egama layo nguKhongolose. Abezobunhloli kuleli kumele bavuke emaqandeni balandele isisusa sentuthu elokhu ishunqa ebikezelwa yizikhulu ZE-ANC sokuthi kukhona abasikaza umbuso ngejozi bafuna ukuwuqumba phansi kepha besebenzisa amasu okungathi ngawokuchitha umengameli wezwe.
Sesibone kaningi emazweni afana naseturkey lapho kusanda kuzanyazanyiswa umbuso wakhona kepha ukuqunjwa phansi kombuso kwabhuntsha. Nakhona kuleliya zwe kwasetshenziswa amasu athi mawafane nalapha okwenza sengathi kukipilitwa umengameli wakhona. Isouth Africa ibuya empini enzima kulwa omnyama nomnyama kanti kuyaziwa ukuthi sekuke kwaboshwa abathile kuleli bathweswa amacala okukhanda itulo lokuketula umbuso ngendlakadla.
Makulungiswe okonakele ngomlomo kungayiwa ekuchithekeni kwegazi okungenasidingo. Abantu mabafunde ukwemukela ukwehlulwa bemukele nokuphathwa.