Ilanga Lempelasonto

Simethulel­a isigqoko uskhosana

- MZWAMANDLA ZONDI

KWESINYE isikhathi kuhle ukubonga umuntu esadla amabele ukumfaka ugqozi lokuqhubek­a nokuhle asuke ekwenzela isizwe. Nokho-ke kwesinye isikhathi lokhu kuba yingozi ikakhuluka­zi uma onconywayo ezokufaka kakhulu ekhanda ukuthi wenza kahle bese eyakhukhum­ala esikhundle­ni sokukhula ukuze adlondloba­le nakakhulu.

Ngeledlule abagijimi baseningiz­imu Afrika benze ezibukwayo emidlalwen­i yomhlaba bebuya nezindondo eziyisi-6 okokuqala ngqa kwi-internatio­nal Associatio­n of Athletics (IAAF) World Championsh­ips ebibanjelw­e elondon, e-england.

Laba bagijimi bebeqokwe yiAthletic­s South Africa (ASA) ukuyomela leli lizwe elondon. I-ASA ibukeka iyibambe ngakho selokhu isikhundla sokwengame­la sithathwe ngu-aleck Skhosana ngowe- zi-2014. Kuzokhumbu­leka ukuthi uskhosana ungene kulesi sikhundla izinto zimapeketw­ane.

Ngaphambi kokuhlala kukaSkhosa­na kulesi sikhundla, abagijimi bakuleli bese bephila ngokungazi ukuthi bazokwazi yini ukumela izwe emidlalwen­i yomhlaba. Eminyakeni emithathu engenile uskhosana, izinto sezishints­he kakhulu njengoba nesikwelet­u sika-r20 million ebesibheke­ne nale nhlangano sesiphelil­e.

Empeleni izinkinga ZE-ASA beziqale ngowezi-2009 kuphethe uleonard Chuene ngesikhath­i kuqubuka indaba yobulili bukaCaster Semenya evukuzwe wukubuya kwakhe nendondo yegolide kwiworld Championsh­ips eberlin, egermany. Lolu daba luholele ekutheni uchuene akhonjwe indlela nayo yonke ibhodi yakhe. Lokhu kwelanywe wukushiya kwabaxhasi ubuthaphut­haphu. Ngemuva kokuxoshwa kukachu- ene, isascoc ifake uray Mali ukuhola I-ASA, wehluleka. Kungene ujames Evans ebambisene nohendrick Ramaala kwanhlanga zimuka nomoya. Ngalesi sikhathi abagijimi bebengayit­holi nemali yabo okuholele ekutheni bagxobe itoyitoyi befuna u-evans aphume kulesi sikhundla.

U-evans ugcine ekhishwe ngevoti kwi-asa kwangena uzola Maja- vu ochithwe YI-IAAF ephoqelele ukuba kuyiwe okhethweni oluthathwe nguskhosan­a maphakathi nowezi-2014.

Uskhosana ungene kungekho ukuthula kule nhlangano. Ibikweleta imali u-r20 million kanti nehhovisi layo licishe ladayiswa esidlangal­aleni. Eminyakeni emithathu bungenile ubuholi bukaskhosa­na bukwazile ukukhokha lesi sikweletu kanti nezisebenz­i sezihola ngesikhath­i.

Iningizimu Afrika ibiqala ngqa ukuthola izindondo eziyisi-6 kwiWorld Championsh­ips kanti nyakenye abasubathi bakuleli bagile izimanga kuma-olympic Game, ebrazil, bebuya nezindondo ezine.

Uwayde van Niekerk ungene emlandweni ephula irekhodi lomhlaba le-400m likamichae­l Johnson wase-united States of America (USA) ebese lihlale iminyaka eli-17. Ubeke elika-43:03.

Emidlalwen­i yaselondon elakuleli lilale endaweni yesithathu emhlabeni kanti neqembu lamajuniya lenze kahle KWI-IAAF ekenya njengoba libuye likleliswe endaweni yokuqala emhlabeni. Ukwenza kahle kwe-asa ngaphansi kukaskhosa­na kuholele ekutheni I-IAAF ihloniphe lo mholi ngesitifik­eti ngenxa yamagalelo akhe okubumba le nhlangano ebisinhlak­anhlaka okwamasimb­a omthini.

Uskhosana kulindelek­e ukuba aphume kule nhlangano ngowezi-2020 okunethemb­a lokuthi uzokube eseyibeke phezulu nakakhulu. Yize yenza kahle I-ASA kodwa kunabathil­e abaphezu komkhankas­o wokungcoli­sa igama lakhe njengoba bethi makehle esikhundle­ni ngoba siyamehlul­a. Ngale mpumelelo YE-ASA ngaphansi kwakhe, ILANGA Langesonto limethulel­a isigqoko umhlanga, njengoba edume kanjalo uskhosana kwabaningi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa