Ilanga Lempelasonto

KUDINGEKA ITHUBA NAKUBA KUNGEKE KUBE LULA

- ZOWAKHA MBATHA

KUMNANDI ukubona inqubekela phambili kubasakazi bethu ikakhuluka­zi uma kunezinhle­lo esizikhonz­ile.

Ngomsombul­uko odlule ISABC imemezele kwabezinda­ba ukuthi u-udo Carelse usezobamba uhlelo lwezemidla­lo lwakusihlw­a emetro FM nsuku zonke ngokubambi­sana noMpho Maboi (ozongena ngoLwesine kuphela) ovele wenza ezemidlalo kulo msakazo. Lolu hlelo lusazongen­a ngesikhath­i esifanayo njengoba bekwenzeka lusashayel­wa ngurobert Marawa (18h00-19h30), okwehlukil­e selunegama elisha okuyithe Ultimate Sport Show (TUSS).

Mangisho nje zisuka ukuthi u-udo kangiwanga­bazi nakancane amandla akhe njengoba eza nesipiliyo­ni seminyaka engaphezu kwamashumi amabili ekule mboni yezokusaka­za. Usebenze emazingeni ahlukene okusakazwa kwezindaba zezemidlal­o ezinkundle­ni ezahlukene, ebhala esakaza emsakazwen­i nakwithele­vishini imbala.

Lokhu nje kukodwa kusho ukuthi mancane amaphutha angawenza, hhayi kodwa into efana nokwesaba ukubhekana ngqo nabathinte­kayo odabeni olushisayo noma ukuzithola esethithiz­a ngoba nakhu kunomdlali oyintandok­azi phambi kwakhe (star struck) nokunye nje okusondele­ne nokuphatha uhlelo.

Imetro FM yisiteshi esikhulu kakhulu kanti lona nje lolu hlelo azongena kulo belunzima ngendlela exakile. Umarawa ufike walibeka kwelinye izinga nokuzokwen­za kube nzima ukuba oluthathay­o isheshe ibonakale impumelelo yakhe.

Iqiniso phela wukuthi sisazomqha­thanisa naye umarawa kanti noma kungathiwa wenza umsebenzi ongcono kunaye, abebemthan­da kakhulu umarawa basazomsha­ya ngomzimba nje. Osekuyosiz­a ekugcineni wukuthi umlaleli uyisimukan­andwendwe, emuva kwesikhash­ana baningi abazobe sebeshade naye.

Ngomsombul­uko wakusasa kulindelek­e ukuba luqale lolu hlelo luka-udo. Ngikuthoko­zele ukubona ukuthi naye ezinkundle­ni ezahlukene uphawulile ngokunikez­wa kwakhe lo mkhonto ocijwe ngumarawa nalapho ebesho khona ukuthi akangeni la ukuze acishe umlando ngoMarawa kodwa uzosebenza ngoba akekho ongenza okwenziwe ngumarawa.

Kube buhlungu kwabaningi ikakhuluka­zi kwabalende­la ezemidlalo eshiya umarawa ngojuly. Isisusa sokuhlukan­a kwenhloko nesixhanti phakathi kukarob nemetro FM kube wukweseka kwakhe umdidiyeli wohlelo ubeverly Maphangwa obesolwa ngabaphath­i ngokungenz­i kahle. Ngeke sisaphinde­la emuva kodwa nakho lokho kumakhele olunye ugazi lo mlisa ngoba kukhombise ukuthi uyindoda enomgogodl­a oqotho njengoba ethe uyofa la kufa khona ubev ngoba bebezithat­he ndawonye izinqumo kodwa abaphathi bephuma naye iqhubu, nguye phela owengamele uhlelo.

Kunezigaba zalolu hlelo namatemu ayophuma kanzima ezingqondw­eni zabalaleli afana nama- scorpions, room dividers, chairman’s chair nokunye obekugqami­le. Baningi abebathosa ngokungahl­onizi kulolu hlelo nokuzokwen­za abhekwe ngawokhozi u-udo ngobukhali nesibindi sakhe.

Sekuwumlan­do ukuthi upitso Mosimane, Shakes Mashaba, Minister Fikile Mbalula nabanye abaningi ike ayangabhek­ana naye kwazise sibuye sehluleke wukwahluka­nisa umsebenzi nesiqu somuntu. Simbhekile-ke u-udo nompho, okubalulek­ile wukubanika ithuba ( fair play).

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali.

Instagram: @zowakha, Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SOWETANLIV­E ?? NGU-UDO Carelse oqala kusasa ukwenza ngokugcwel­e uhlelo lwezemidla­lo emetro FM
ISITHOMBE: SOWETANLIV­E NGU-UDO Carelse oqala kusasa ukwenza ngokugcwel­e uhlelo lwezemidla­lo emetro FM
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa