Angase ahole ukubedlula bonke
Isundowns imyenga ngesigamu sesigidi ngenyanga
IMAMELODI Sundowns edume ngokungagodoli nemali isezinhlelweni zokwenza umdlali waseningizimu Afrika ahole ukubedlula bonke kwipremier Soccer League (PSL).
Ulebogang Manyama odlala esiswini aphinde abe ngukaputeni wecape Town City kuke kwavela ukuthi ufunwa yidowns. Umqeqeshi wedowns, upitso “Jingles” Mosimane, uphumele obala ukuthi uyamfuna lo mdlali, angakujabulela uma engagijima kwezakhe. Idowns idumile ngokungenisisa emakethe kodwa kulokhu isathule.
Nokho umthombo waleli phephandaba ulitshele ukuthi ifihle induku emqubeni, ifuna uku- vumbuka ngezibabuli zabadlali. Kuthiwa imatasa ilungisa itshe lemali efuna ukuthenga ngalo umanyama kwicity bese imnika umholo ozokwenza abedlule bonke abadlali kwipsl. “Isundowns iqubisile, ifuna ukuvuka ngabadlali abambalwa abangukhilimu. Ihlela ukunika umanyama umholo ongaphezulu kuka-r500 000 kuhlangene nemihlomulo. Nokho izobhekana nobunzima ngoba usanenkontileka necity futhi ifuna imali engaphezulu kuka-r15 million ngaye. Ngicabanga ukuthi yiyona ndlela ezama ngayo ukuxosha idowns njengoba imbizisa kangaka,” kusho lo mthombo.
Leli phephandaba lithinta uthulani “TT” Thuswa wezokuxhumana kwidowns, uthe akukho angakuphawula okungako okwamanje ngodaba lwalo mdlali kwazise unenkontileka necity okuyiyona ephethe ukhiye ngaye (umanyama).
“Njengoba sivalile nje akukho okwenzekayo (okutheni), masilinde umsombuluko (kusasa) bese umqeqeshi esicacisela ukuthi umisa kanjani ngabadlali abafunayo,” kusho uthuswa.
Kuzo ezedowns, isabhekene ngeziqu zamehlo nokhama Billiat ofake isicelo sokukhululwa njengoba egaqelwe ngamakilabhu asesaudi Arabia, efrance naseBelgium.
Uthuswa uthe: “Ubilliat usengumdlali wethu. Unenkontileka nathi esalelwe wunyaka. Okwenzekayo njengamanje wukuthi ikilabhu ifuna ukwelula inkontileka naye, kusaxoxwa. Uma kuxoxwa ngenkontileka kuyaphikiswana nathi sisaxoxa kodwa kasikafiki esivumelwaneni. Kodwa-ke konke kuzogcina kuqondile.”