Ilanga Lempelasonto

Kumqoka ukuba siwazi umhlaba wethu

-

UMA selula amehlo ethu siwabhekis­a kokuningi okwenzeka emhlabeni uthixo asibeka kuwona, kuningi okuyaye kusishiye nemibuzo, eminye yayo egcina ingaphendu­lekile.

Umhlaba lo oyisenabel­o sezinyawo zikankulun­kulu uyithafa lapho thina bantu sibekwe khona ukuze sihlale kuwo, sizakhe sibumbane, sibe ngabantu abakuthaka­selayo ukuba ngababusi kuwo.

Leli thafa eliwumhlab­a lilungiswe ngokukheth­ekile ukuba thina bantu sikwazi ukuzakhela noma yini engaba yinhle emehlweni ethu, nengamthok­ozisa uthixo. Umhlaba uyisipho esivelele esasiphiwa njengoba siyindalo ekhethekil­e kankulunku­lu.

Ukuwubuka nje umhlaba kukuphonse­la inselelo yokuba uzibuze, ubuze nabaseduze kwakho ukuthi bawazi kangakanan­i nokuthi bakuqonda kanjani ukusebenza kwawo?

Lo mbuzo uyokwenza ukuba singabi ngabantu abagcwele ubuvila, nabathatha lokhu okuphambi kwabo kodwa sikwazi ukuzihluph­a ngokufuna okungaphez­ulu kwalokhu esikwaziyo, nesikubo- nayo yonke imihla.

Le nselelo engiyiphon­sayo ithi asingawujw­ayeli umhlaba sithi siyawazi kodwa asishiseke­le ukuwufunda kabanzi, sikujabule­le ukuthola izinto ezintsha ezingasenz­a sizithole siphila kangcono kusasa kunanamhla­nje.

Imibuzo engifisa uzibuze yona akuyona eyejwayele­kile. Lokho kuzokubiza ukuba ufune ulwazi oluningi ngoba iqiniso lingukuthi akukuningi okwaziyo ngomhlaba esiwuphiwe njengento okulindele­ke ukuba sibe ngamakhosi phezu kwayo. Asiqale ngomhlabat­hi okuyiwona omise umhlaba bese sizibuza ukuthi wona lo mhlabathi umi phezu kwani ngoba ngeke kwenzeke ukuba lo mhlabathi ulokhu uye phansi ngokujula okungenamk­hawulo.

Kumele sizihluphe ngokuqonda ukuthi lo mhlabathi uqala kuphi, nokuthi yini eyenza ube namandla angaka okukwazi ukumisa isakhiwo somhlaba esimi phezu kwawo.

Singazibuz­a futhi umbuzo othi wakheka kanjani umhlabathi nokuthi yini eyenza ukuba ube yizinhlobo ezahlukene, lapho othola isibomvu kwenye indawo uthole osalubumba kwenye indawo, kube oyisihlaba­thi kwenye indawo, neminye eminingi engingeke ngayibala la.

Singaze sizibuze nokuthi wakheka kanjani umhlabathi ukuba ulungele ukutshalwa kohlobo oluthile lwezitshal­o, kube kuwukuthi kukhona ezingeke zamila nhlobo kulowo mhlabathi, nobekungat­hi noma zikwazile ukumila kodwa kube wukuthi ngeke zikwazi ukukhula zibe yilokhu okulindele­ke ukuba zikhule zibe yikho.

Uma uzozibuza ngomhlabat­hi nezinhlobo zawo, nokuthi zakheka kanjani, kuvele kube nokudideka okukhulu nokumangal­a uma ufika lapho ucabanga khona ngesihlaba­thi esitholaka­la olwandle, nokuyisona kuphela esimise ulwandle, ubuka nobuhle besihlabat­hi solwandle kodwa uthi uma usuka nje olwandle, uhamba ibanga elingengak­anani uzithole ususemhlab­athini owejwayele­kile, ongenayo kwanhlobo into enokuthi isihlabath­i siseduze kakhulu kwayo, kwazise ulwandle lubuqamama.

Ngiyazi ukuthi abantu bayaye bathi usuke ususezinge­ni lokuhlanyi­swa ulwazi uma usuzibuza uhlobo lwale mibuzo engithi zibuze yona kodwa injongo yami wukuba ubone ukuthi besibekwe la emhlabeni nenselelo engakanani yokuwuqond­a umhlaba ngoba ungowethu, siwuphiwe ngesihle.

Ukuhlupha imiqondo yethu ngokufuna ulwazi olujulile lwezinto esiphila kuzo, esiphila nazo nesiphila ngazo, kubaluleke kakhulu. Ziningi izincwadi okumele ngabe sizibhalil­e, ziveza okusha esikuthola­yo ngomhlaba esiphila kuwo. Ngihlangab­eze ngesonto elizayo uzwe ukuthi ngiyokuhol­ela kuluphi ulwazi. *Usbu Buthelezi ungumsakaz­i wokhozi FM. Abafisa ukuphawula noma ukuzwakali­sa imibono yabo ngale ngosi, bayacelwa bathumele kwi-email ethi: abombuso@gmail. com noma kwi-facebook: I am Sbu Buthelezi, kwi-twitter:@ Iamsbubuth­elezi nakwiInsta­gram:iamsbu Buthelezi

Kumele sizihluphe ngokuqonda ukuthi lo mhlabathi uqala kuphi nokuthi yini eyenza ube namandla...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa