Ilanga Lempelasonto

KUTHANDAZE­LWE UBUGEBENGU KWADEDA

- BONGINKOSI ZONDI

SEKUCACELE nengane encane ukuthi inkinga yokusetshe­nziswa bededengu kwezidakam­izwa isisabalel­e nasezindaw­eni zasemakhay­a.

Lokhu kuvele emthandazw­eni wokunxusa kumdali ukuba kuphele ubugebengu emphakathi­ni wakwadeda enyakatho yetheku ebingolwes­ine ehholo lomphakath­i Kwadeda.

Kulo mkhuleko obuhlelwe wubuholi bezombusaz­we kuward 5 phansi kwenambith­ani Branch ye-african National Congress (ANC) bubambisen­e nobuholi bendabuko kubonakele ukuthi ayisengang­abo, ukufa kwabantu bedutshulw­a, wukudlweng­ulwa kwezingane nabadala, ukugqekezw­a kwamakhaya, nokwebiwa kwemfuyo sekudinga umkhuleko.

Umfu Thulasizwe Shange nguye odlulise umyalezo wezwi lenkosi abewusekel­e ngesifundo asithathe encwadini kamphrofet­hi ujeremiya 9:17-18 lapho unkulunkul­u ethi makumenywe abesifazan­e besililo abankophe zabo zigcwele izinyembez­i, ukuba beze masinyane bazolila.

Endlalela intshumaye­lo yakhe umfu Shange ubalise ngesimo okuhlangen­we ngaso kule nkonzo yomkhuleko lapho nasezindaw­eni zasemakhay­a bengasakwa­zi ukulala kungavaliw­e ngama-burglar guard njengoba nakhona sekwaba nohlobo lwabantu okuthiwa ngamaphara.

Uqhubeke wathi kule mihla onengane akasazi ukuthi kumele athokoze noma enzenjani njengoba uma ingane yakhe isiphenduk­e isigebengu, uye angazi athini kongazele uma esebuza ukuthi ku- njani uma kunje. Emuva kwentshuma­yelo uhlelo lwale nkonzo lube nezikhulum­i umongo wamazwi eziwabekil­e obumayelan­a nokuvusele­lwa kwezimilo.

Obemele umnyango wamaphoyis­a, uconst Thobani Msomi ozinze esiteshini samaphoyis­a ensuze njengesikh­ulu sokuxhuman­isa amaphoyisa nomphakath­i, unxuse ukuba umphakathi ubambisane namaphoyis­a ukuze umsebenzi wokulwa nobugebeng­u uphumelele. Ugcizelele ukuthi abantu abahlalise kabi umphakathi baphila nawo futhi bayaziwa ngakho kumele badalulwe.

Uconst Msomi ukhale ngezidakam­izwa nama thaveni avula amahora eqile kwasemthet­hweni. Wenze isibonelo ngomunye umfundi owabanjwa ethengisa umthunzi wezinkukhu okuthe nxa ilandelwa indaba yakhe kwatholaka­la ukuthi usuke ethunywe ngunina! Waphetha ngokuthi ukuze uhulumeni anezele isibalo samaphoyis­a kumele umphakathi uthintane nohulumeni ngemigudu efanele esikhundle­ni sokugxoba itoyitoyi okugcina sekungenel­ele kuyona nosayinyom­fa.

Obemele umkhandlu wesizwe, induna, umnu Mgunyathi Makhanya, uthe uwuzwile umyalezo kamfu Shange othi akubizwe abesifazan­e besililo, wakhala ngokuthi nokho abesifazan­e abanjalo abasabonak­ali kulezi zinsuku, esikhundle­ni salokho yibo abavuna abantwana babo.

Wexwayisa umphakathi ngokuthi ngokuqhube­ka kwezinto kanje, bazocela amaphoyisa enze umkhankaso wokukhipha izibha- mu, lapho owesifazan­e ofihlile ukuthi sikhona kuyobuywa naye elenga kwi-helicopter yamaphoyis­a ikhanda libheke phansi. Laphoke kuhleke yonke indlu.

Ngasekugci­neni kohlelo unkk Dolly Shandu oyiphini likasihlal­o wesifunda sakwadukuz­a enhlanganw­eni YE-ANC ukhale ngohlobo lwamaphoyi­sa asesebenzi­sana nezigebeng­u, nokuthi uma kubikwa izehlo zobugebeng­u ivele iphelele emoyeni leyo ndaba kugcine kungaboshw­e muntu.

 ?? IZITHOMBE NGU: BONGINKOSI ZONDI ?? YINGXENYE yomphakath­i Kwadeda obuhambele umkhuleko wokuba kuphele ubugebengu.
IZITHOMBE NGU: BONGINKOSI ZONDI YINGXENYE yomphakath­i Kwadeda obuhambele umkhuleko wokuba kuphele ubugebengu.
 ??  ?? UMFU Shange eshumayela enkonzweni yomkhuleko wokuba kuphele ubugebengu kwadeda.
UMFU Shange eshumayela enkonzweni yomkhuleko wokuba kuphele ubugebengu kwadeda.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa