SIFIHLWE NGESIZOTHA ISIHLABANI ESINGU-RAY PHIRI
KUSHUKUME inkundla ngesikhathi ibhendi yomculo istimela inandisa ngezingoma zayo enkonzweni yomgcwabo yesihlabani somculo uraymond Chikapa Phiri (70), obusenkundleni yezemidlalo embombela, empumalanga izolo ngomgqibelo.
Phakathi kwezingoma ezishaywe yistimela ngethi Phinda Mzala, ne-thi Singa Jindi Majita.
Umgcwabo walesi sihlabane ubuhanjelwe yizinkumbi zabantu okubalwa kubona abaholi bepolitiki, abaculi nomphakathi jikelele.
Usomlomo wephalamende kuzwelonke, unkk Baleka Mbete, ungqongqoshe wezobuciko namaSiko kuzwelonke umnu Nathi Mthethwa, usotshwebhu we-african National Congress (ANC) ephalamende umnu Jackson Mthembu, uhugh Masekela, usipho ‘Hostix’ Mabuse, Don Mattera, Steve Kekana, udorothy Masuku ngezinye zezicukuthwane ebeziyingxenye yalo mngcwabo. Uray Phiri ushone ngolwesithathu olwedlule esibhedlela, emuva kokuxinywa wumdlavuza wamaphaphu. Uchazwe njengomuntu wabantu obezifela ngomculo.
Ekhuluma udon Matttera uthe uray ubeyingcweti. Umnu Welcome Msomi ongumqondisi nombhali wemidlalo yeshashalazi, uchaze uray njengomuntu obethanda umculo.
Uthe besinzima isikhathi lapho kudlalwa khona izingoma zikaray njengoba bekuyisikhathi sobandlululo.
Uqhube wathi umculo karay ubuletha ithemba kubantu abebecindezelwe wuhulumeni wobandlululo.
“Ngendlela uray abewuthanda ngayo umculo, ufike ehhovisini lami wangitshela ukuthi usezohlanganisa iminyaka engama-70 ngakho-ke ufuna ukwenza umjikelezo (tour) nabantu acula nabo. Umjikelezo uzoqhubeka yize esengasekho ngoba abaculi abaningi sebevumile. Nathi yiyona ndlela esizomkhumbula ngayo,” kusho umnu Msomi.
Umnu Mthethwa, uthe uray uphile impilo yakhe kwaze kwaba sekugcineni. Uthe umculo karay ubunesigqi futhi abantu bebewuthanda.
“Njalo uma kudlala amaculo akhe, uray ubezizwa enokuthula emoyeni.
"Uray ubeyithanda into aye- nzayo yingakho ibhendi yakhe ithole inqwaba yezindondo,” kusho umnu Mthethwa.
Uray ushiye umkakhe, yizingane ezili-10, abazukulu nonina oneminyaka eyi-113 ubudala.
phumelela@ilanganews.co.za