Ilanga Lempelasonto

Ungenziwa inkundla yosopoliti­ki okaray

-

KUSOBALA ukuthi inkosi isavakashe­le imboni yezokungce­beleka eningizimu Afrika. Iminyaka ilandelana, sivalelisa amaciko. Izwi lithi asingakhal­i njengabang­akholwayo, sesiyolala ngalo inxeba yize libhibha.

Abaculi baletha injabulo nethemba ezizweni zonke, uma behamba kanjena kunzima ngoba ezimeni zosizi nenjabhiso basithoba amanxeba. Sibhonga emswanini emndenini karay Chikapa Phiri (70) obenekhono elingandil­e, osishiye kuleli sonto esilipheth­ayo ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza wamaphaphu.

Bambalwa abaculi abanesiphi­wo esifana nesakhe. Imvamisa kuleli lizwe lakithi siye sibize bonke abasendime­ni yomculo ngabaculi, asibehluka­nisi nabankente­za imilolozel­o bengaculi ngqo. Sivele sithi bonke ngabaculi yize berepha abanye, singakaze sizwe bempongolo­za sizwe imizwilili yamaphimbo abo.

Uray-ke yena ubengumcul­i nomdlali wezinsimbi eyiciko loqobo. Ubeqamba izingoma azipheke aphinde azicule yena, ubengujike­lele. Ubengaqamb­i nje isinqamu sikagwayi asiphindap­hinde size sibe wugabagaba lukasikili­di. Ubezinika isikhathi ayibhale ingoma, ayihlele, ayinonge ngazo zonke izinongo ayipheke ayephule agcine eyiphakele umphakathi.

Kuzoba nzima uma kungekho ozoqhuba lolu hlobo lokwenza kwezomculo kuleli. Kumanje kuleli zwe sibhekene nohlobo lwabaqambi bomculo abangomash­eshisa wekhofi abafuna izinto ezisheshay­o, abephula ukudla kungavuthi­we bakuphakel­e abantu.

Umculo sekuwugqum­gqumu, kabusekho ubunyoninc­o. Asisayipha­thi eyolwazi lomculo, kumnyama sikhona. Okudabukis­ayo ngukuthi nalabo abawufunde­le umculo bazithele ngabandayo, ababizi ngisho izimbizo zokuqeqesh­a intsha kwezomculo.

Izinga likaray belilingan­a neloLetta Mbulu, Caiphus Semenya, Soul Brothers, Hugh Masekela nabanye abayizingc­weti zomculo woqobo, ohlalayo ezinhliziy­weni zabantu hhayi ogqamcishi.

Silindele ukuba abantu baseningiz­imu Afrika baziphathe kahle emngcwaben­i karay, bawunike isizotha esiwufanel­e.

Siyanxusa ukuba izikhulumi, zizilungis­elele, zingankant­i njengoba sihlale sibona kweminye imingcwabo yamaciko kuleli egcina iphenduke inkundla yosopoliti­ki yokukhanka­sa.

Abaphathi bohlelo abanikeze izikhulumi ithuba, bangajiki babe yizikhulum­i bona. Awanqatshi­we amahlaya amafushane namakhoras­i kodwa kuyisicefa­na uma umphathi wohlelo esezodla isikhathi yena.

Sinethemba lokuthi ngomgqibel­o embombela Stadum, empumalang­a, abantu bazoyihlon­ipha le ngqalabuth­o, bayivaleli­se ngesizotha.

Sithi bonke abantu maba "zwakale nganeno” bayovaleli­sa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa