Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O:

- ZOWAKHA MBATHA

NGIKE ngaba nethuba lokuvakash­ela ivibe FM ohlelweni lwasekusen­i, ibreakfast With A Difference muva nje, olushayelw­a ngu-ayanda Ntuli.

Kungichazi­le engikufice kulesi siteshi - kusukela endleleni abasebenzi­sana ngayo nethimba lilonke ngokunjalo nemishini asebeyiseb­enzisa. Lokhu kungenze ngacabanga abaphathi abambalwa abengamele iziteshi zomphakath­i Kwazulu-natal. Qaphela, ngizobalul­a abambalwa ngoba kuyibo engibazi kangcono ngamagalel­o abo hhayi ngoba bengcono kunabanye.

Laba bengamele lezi ziteshi sengathi yizingane zabo uqobo. Khumbula phela ukuthi nakuba le misakazo kungeyomph­akathi ngokobunik­azi, kodwa idinga abaphathi abazoyigon­a, bayifukame­le. Yibo-ke laba abagqamile.

Owokuqala nguyena umphathi wevibe FM umnu Lucky Dlamini. Kusukela ngiqala ukusazi lesi siteshi sisathola ilayisense yesikhasha­na, besenganye­lwe nguye usibalukhu­lu.

Ngicabanga ukuthi naqale nabo bayahleka namuhla uma bebuka emuva, bebheka asebekuzuz­ile. Imishini engiyifice khona ingenze ngabona ukuthi usesebenzi­le impela. Nakuba ixhaswa le misakazo yizikhungo ezifana NOMDDA nomnyango wezokuxhum­ana kuhulumeni, kodwa konke kuncike ekukhuthal­eni komphathi wesiteshi.

Ngicasukil­e ngelinye ilanga ngizwa isiteshi sivele sinqamuka emoyeni kwazise kakuseyona into ejwayeleki­le lena njengakuda­la kodwa ngaxola uma sengizwa ukuthi kungenxa yezigebeng­u zakwamashu ebezintsho­ntshe amakhebuli kagesi.

Impela KUYISITAYE­LA UKULALELA ivibe FM ku-94.7 FM.

Owesibili ongigqamel­ayo ngokufukam­ela esakhe, ngumnu Sandile Ngema wembokodo FM eku-96.8 FM. Umlando nobunzima lesi siteshi esibhekane nabo phambilini kungagcwal­a ibhuku. Kusukela emibangwen­i, yizingxaba­no kubasebenz­i kuze kube la sikhona manje njengoba sesizinze epinetown, umadlokovu ubephambil­i. Uwe evuka nembokodo FM, nokufakaze­lwa yindlela izisebenzi ezimkhonze nezimhloni­pha ngayo.

Sesishints­hashintshe kaningi izingqikit­hi zaso njengoba manje sigxile okholweni. Ongakaboni ukuthi IYIKHAYA NEKUSASA LESIZWE uyophapham­a kudala.

Owesithath­u ngumnu Vela Xulu. Uma usebenza embonini yezokusaka­za ngeke ungamcaban­gi uxulu uma ukhuluma ngezwi Lomzansi elitholaka­la ku-98.0 FM. Ugxabhashe naye ubesesimen­i esifanayo nalaba abanye, ewa evuka ikakhuluka­zi ngesikhath­i besathola amalayisen­se esikhashan­a. Ungomunye wabambalwa kubaphathi osasebenza nengxenye eningi yethimba ebelikhona kusukela kusasakaze­lwa kwi- caravan nokwenza ubumbano phakathi kwabo luqine.

Kakungiman­gazi ukuthi namuhla baphambili ngokweziba­lo zabalaleli Kwazulu-natal. Nabo bebelokhu beshintsha ingqikithi yabo kodwa le abayibambe manje yokugxila ezingxoxwe­ni kubukeka ibasebenze­la, yenza balalelwe ngabantu abaningi abanomthel­ela ekushintsh­eni kwempilo yabantu. Impela UZOWUZWA UMEHLUKO (Feel The Difference).

Owokugcina ngomunye kwabesifaz­ane abayingcos­ana abengamele iziteshi zomsakazo. Lowo nguthandek­a Msani Ngobese wenanda FM. Ngiqale ukwazi ngaye esasebenza kwesinye isiteshi somphakath­i, idurban Youth Radio, kanti kuyacaca wayeyele ukuyoncela ulwazi khona. Anginasiqi­niseko sokuthi umbono wokusungul­a esakhe isiteshi wamfikela kwenzenjan­i kodwa kwaba yisinqumo esiphusile lesi asithatha.

Sekuyiminy­aka engamele lesi siteshi odidekayo uma usilalele njengoba iningi lezinhlelo lizwakala kangcono kunalezo ezikuma- commercial radio station.

Uthandeka udodile ngokuphath­a lo msakazo nokufakaze­lwa wukuthi YISONA SITESHI ESIPHAMBIL­I NAMUHLA (Today’s Best Radio).

Kangikunga­bazi ukuthi laba baphathi bayaliding­a ihlombe nokwesekwa ukuze le misakazo ngokunjalo neminye ingafadala­li. Singawutho­kozela nowakho umbono ngazo zonke ezithinta ezemisakaz­o. zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGUMPHATHI wenanda FM uthandeka Msani Ngobese ongomunye wabagqamil­e kule mboni.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGUMPHATHI wenanda FM uthandeka Msani Ngobese ongomunye wabagqamil­e kule mboni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa