Ilanga Lempelasonto

EZOTHANDO:

- BHEKI NDLOVANA

KUNEZINTO okufanele ukuba niziqaphel­e uma nisothandw­eni futhi nibe nendlela yokubhekan­a nazo.

Imvamisa abantu ababili abathandan­ayo kabafani indlela abenza ngayo izinto, indlela abaphila ngayo, indlela yokuziphat­ha, izinto abazithand­ayo njalo njalo.

Kuyenzeka uthole ukuthi kuhlangene umuntu othanda ubumnandi nongazwani nhlobo nabo. Kuyenzeka futhi ukuba kuhlangane umuntu othanda ukuxoxa kakhulu ( talkative) noma ophaphile, nomuntu othulayo.

Ngesinye isikhathi kuhlangana umuntu okhuthele, ohlanzekil­e nomuntu oyinuku futhi oyivila. Ngesikhath­i abantu besaqala ukuhlangan­a basuke bengakazan­i kahle, bese belokhu befundana ngokuhamba kwesikhath­i.

Kuyenzeka-ke kube khona izinto oziqaphela­yo ongazithan­di ngomuntu wakho, mhlawumbe njengokuth­i njalo uma evuka akawendlul­i umbhede, akakwazi ukuqoqa izinto endlini noma akakwazi uku- zenzela ukudla. Abanye-ke baye basheshe bathathe isinqumo sokushiya phansi ebudlelwan­eni uma kukhona abangakuth­andisisi noma ngabe belukhona uthando kodwa umuntu bese evele ecikeka.

Kuyahlupha-ke ukuvele usheshe ushiye ngoba kusho ukuthi uzolokhu ushintshas­hintsha abantu. Phela akukho soka lingenasic­i ( no one is perfect). Into esizayo ebudlelwan­eni ngukuba uzinike isikhathi ufunde isinqandam­athe sakho ukuthi siluhlobo luni lomuntu.

Uma kukhona izinto ongazithan­di zisho, ungafeli ngaphakath­i. Okulungise­kayo zamani ukukulungi­sa. Ngokombiko oke washicilel­wa kwiphephab­huku lesingisi, iglamour Magazine, zine izinto ezivame ukuba yinkinga ebudlelwan­eni.

Ukuhlangan­a komuntu othanda ubumnandi nongabutha­ndi Njengoba sishilo ngenhla, lena yinto ejwayeleki­le. Umbiko waleli phephabhuk­u uthi kuvamile ukuba uma abantu besaqala uku- hlangana, uthando luselusha bazikhiphe baye ebumnandin­i kodwa kuthi lapho kuqhubeka isikhathi, sebejwayel­ene bese kushintsha ukwenza - omunye ahlale endlini, kuthi lona othanda ukujuxuza ahambe yedwa.

Uma sekunjalo-ke kuqala kube khona ongathokoz­ile ngomunye, bese kusuka ukukhuluma okungahole­la engxabanwe­ni enkulu. Bathi ukugwema leyo ngxabano, zamani ukuhlala phansi nibonisane, nivumelane ngokuthi nihlangabe­zana kanjani ukuze nobabili nihlale nijabule.

Ningavumel­ana ngokuhamba ndawonye, kuthi ngesinye isikhathi nihlale endlini nobabili.

Umuntu ongazinaki izinto Kukhona umuntu ongazinaki izinto, ovele ahliphize nje ashiye kanjalo. Kunabantu abavele bavule ifriji bakhiphe amanzi baphuze bawaqede bengabe besathela amanye bawabuyise­le efrijini.

Omunye akhiphe into ethile lapho ihlala khona angabe esayibuyis­ela lapho eyithathe khona. Lokhu yizinto ezincane kodwa ezicasulay­o. Okungasiza uma unesinqand­amathe esinjalo wukuba ungazinaki futhi ungavumi ukuba zikucasule.

Ukuxolisa

Kusemqoka ukuba uzehlise, uxolise uma wenze iphutha. Ukungakwaz­i ukuxolisa kungona ubudlelwan­o. Uma wenze iphutha, yamukela, uxolise. Ukwenza kanjalo kuyokwenza umaqondana wakho ukuba naye akhuthazek­e, azehlise uma enze iphutha.

Ukushayise­lana ngomoya Inkulu-ke indaba yokushayis­elana ngomoya - ingabona ibuqede nya ubudlelwan­o. Wonke umuntu uyadinga ukuba yedwa ngesinye isikhathi, azithulele acabange izinyoni zakhe ( think and reflect).

Musa-ke wena ukufuna ukuhlale uyisimbela­mbela ngisho isidingo singekho - uma isithandwa sakho sidinga isikhathi sidedele, ayikho into embi ngalokho. Impela uma ninqobe lezi zinto ubudlelwan­o benu buzohamba kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa