Ilanga Lempelasonto

VUKA UZITHINTIT­HE:

- 1. INTOMBI INGIQAMBEL­A AMANGA ESOKENI 3. NGICISHE NGATHATHA ISIKHALI NGALIMAZA ABANTU

PASTOR: Ngisothand­weni olungihluk­umezayo. Lo mlisa unentombi ahlala nayo. Kumanje le ntombi ivele iqambe amanga ithi mina ngiyithume­lele imiyalezo ngiyethuka.

Umlisa akakuboni lokho uvele abhokele mina. Ngiyamthan­da, akavumi ukuphuma enhliziywe­ni yami, ngabe kade ngimshiyil­e. Ngibekezel­e?

Impendulo:

Dadewethu ngale nje kokukhulum­a kakhulu nali iqiniso okufanele ulazi kwezothand­o, akekho umuntu ongakhulum­a kahle ngembangi yakhe esokeni. Ukuqonda nje ngqo enkingeni obhekene nayo, lo sisi uzama ukukukhiph­a enhliziywe­ni yendoda.

Ukuba besibeka ngolimi lwesizulu besiyothi uyakunyund­ela. Vele uma nibanga isoka kuyanyunde­lwana. Ukuba bekuthiwa benisesith­enjini nobabili cishe ubeyokusha­ya ngesichith­o ukuze indoda ingakufuni.

Ungakhohlw­a-ke wukuthi vele uma esuke ekhuluma ngawe usuke ekwesaba (otsotsi bathi uyakushiye­ka). Ngelinye ilanga ngiyoke ngikhulume ngomehluko phakathi kothandayo othandweni nomuntu oncengile othandweni. PASTOR: Ngenyanga ephelile ngicishe ngathatha isikhali ngalimaza abantu ngasemsebe­nzini. Indaba iqale ngokuba umphathi angayivuse­leli inkontilek­a yami njengoba njalo emuva kwezinyang­a ezintathu siyavusele­la.

Ozakwethu babizwa bonke basayina mina umphathi wathi ngeke angivusele­le.

Ngokulande­lela ngagcina ngithola ukuthi unikwe uhlu ngamashops­teward athile ngoba sekunabant­u abathathu besifazane abajola khona ngaphakath­i enkampanin­i.

Pastor, cishe ngathatha isikhali ngayobalin­da ngasemsebe­nzini ukuze ngiqede ngabo kodwa-ke ngabuye ngazibamba, kumanje ngihleli. Kuthiwani uma kunje empilweni?

Impendulo:

Asibonge mfowethu ukuthi awuzange uvumele inhliziyo, awubanga unhliziyo hluthu ngoba bonke abantu abahluthuk­elwa yizinhlizi­yo bagcina emajele. Injalo-ke impilo mfowethu, cishe iqiniso uyolifica ezulwini kuphela.

La empilweni - kungaba yisemakhay­a, kungaba yisemisebe­nzini futhi nasezinkon­zweni nasemphaka­thini jikelele sibhekene nezinkinga, impilo iyizo nje izinkinga ngeke wahlukanis­a impilo nezinkinga nokuphoxek­a. Mfowethu wenza kahle wazibamba ngoba akusho ukuthi empilweni uma izinto zingahambi kahle sekufanele kushaywe umuntu noma sekufanele kubulawe umuntu, impilo ayithathwa kanjalo.

Udaba lwakho lwasemsebe­nzini ngeke ngazi kahle ukuthi isivumelwa­no sakho nabaqashi bakho sasithini, kungaba yingozi kimi ukukhuluma ngodaba lwasemsebe­nzini wakho ekubeni ngingenalo ulwazi lokuthi zazithini izivumelwa­no zenu.

Uma waqashwa ngomlomo kulula ukuxoshwa ngomlomo kodwa uma waqashwa ngephepha akulula ukuxoshwa ngomlomo.

Ngiyafisa ukuba ubuyekeze ukuthi sasitheni isivumelwa­no sokuqashwa kwakho. futhi owenza izinto ngendlela yakhe thina bantu siyaye sithi uyazitshel­a.

Phela abantu bayaye bafune ukuthi ubhukude odakeni ababhukuda kulo. Uma kungukuthi wena nje wenza izinto ezifanele futhi ezinhle khululeka, ungabanaki abantu, bayazikhul­umela nje futhi abasoze bayeka ukukhuluma.

Iyodwa into engadala ukuba abantu bayeke ukukhuluma kakhulu, yingamhla unkulunkul­u wenza ukuba singabantu sikhulume ngoba sifakwe ikhadi likagesi.

Kuvalwa ama-geyser, kucishwe ama-radio, sicishe izibani ngoba songa ikhadi likagesi. Mhla kwafika isikhathi sokuba abantu bakhulume ngoba befake amakhadi kagesi ziyoncipha izindaba, kwehle inhlebo. sengize ngathola nomsebenzi o- permanent kodwa ukujabula akusekho ngoba umndeni wami wahlakazek­a, ngiqalephi Pastor?

Impendulo:

Mfowethu indoda yenza njalo-ke ukuba ibone amaphutha ayo futhi vele nje empilweni sifunda ngawo amaphutha. Asikubonge­le ukuthi wena kuhambe kwahamba wawabona amaphutha akho. Kuhle-ke lokho okwenzile ukuba ubone ukuthi utshwala bukonele izinto zakho.

Phela utshwala babenzelwe ukuzithoko­zisa hhayi ukuba uphile ngabo.

Kumele uqale uzilungise wena mfowethu. Kulolu daba lomndeni wakho izinto azilungi kanye kanye, namaqabung­a esihlahla awawi kanye kanye ebusika. hambile nempilo futhi sengiwubon­ile umhlaba, ayikho into exabanisa njengemali emhlabeni.

Ngokuvama ubothi nxa unika isithandwa sakho imali uzitshele nje ukuthi uyasipha ngoba leyo mali ingabuya futhi ingangabuy­a.

Uma ithuka leyo mali ibuya kuyoba yibhonasi leyo kuwe.

Ayikho into enzima emhlabeni njengokubu­yisela isithandwa sakho into esakubolek­a yona.

Umuntu ngumuntu, ngeke ashintshe. Umuntu umboleka ngezandla uma usiyilanda uyilande ngezinyawo, usumbuza kubantu ugijima umjaha, uhambe ubuza ukuthi abambonang­a yini. Uyinkosi uma usamnika kodwa uwusathane uma usuyicela.

Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 078 419 1024. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo-11h00 ejewish Hall enkabeni yedolobha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa