Eyethu Baywatch

Ikhansela lixwayise abaqola umasipala

- Wiseman Mthiyane

IKHANSELA likaMasipa­la waseMhlath­uze, kuWadi 27, uMnuz. Simphiwe Mzimela usedonse ngendlebe amalungu omphakathi ukuba ayeke ukuqola umasipala ngohlelo lokungcwab­ela abahlwempu.

UMzimela ukusho lokhu ngesikhath­i ekhuluma emhlanganw­eni womphakath­i waseJabula­ni, nase-Area 2, obuseNgwel­ezana Swimming Pool.

UMzimela uthe sekunomkhu­ba owenziwa ngabahlali, bafune ngesankahl­u ukungcwats­helwa izihlobo zabo wumasipala, lokhu bekwenza ngokucasha ngokuthi nabo bayiminden­i ehlwempu, kanti bafuna ukufeza izinhloso zabo.

‘Sesikuthol­ile ukuthi baningi abantu abaqola umasipala ngokuthi, uma kade sibasiza ngokubangc­wabela bese bona begijima beya ezinkampan­ini zemishuwal­ense, sebeyokhip­ha lemali yemingcwab­o yezihlobo zabo.

‘Lokhu ke sikuthatha njengobuge­bengu nokuqola umasipala, okusezinge­ni eliphezulu.

‘Ake ngiyichaze lento, umasipala akanalo uhlelo lokungcwab­ela abantu, kodwa ngoba siwumasipa­la onakekelay­o, siyaselula isandla kuleyomind­eni ehlwempu ngempela, engathathi ntweni.

Ngeshwa loluhlelo lwethu oluhle, kukhona asebeluxha­phaza,’ kuxwayisa uMzimela.

Inkulumo kaMzimela yenanelwe nayisisebe­nzi sikamasipa­la, uNonjabulo Luthuli, othe iqhaza labo ligcina

Isisebenzi sikamasipa­la uNonjabulo Luthuli ecacisa ngohlelo lokungcwab­a. Eduze kwakhe nguMnuz. Arthur Mtshali oyilungu lekomidi

ngokhokhel­a umgodi, bathenge ibhokisi, bese belanda isidumbu lapho esishonele khona, siyiswe emakhazeni, bese sisuswa emakhazeni siyiswe ekhaya noma emathuneni.

Lomhlangan­o ubuye wabhunga ngezindaba eziqondene nohlelo luka Operation Sukuma Sakhe (OSS), ukulungisw­a kwemigwaqo, nokuqoqwa kukadoti, futhi ubuhanjelw­e yizikhulu zikamasipa­la. City to stop burial assistance fraud

 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa