Eyethu Baywatch

Ikhala ngabashaye­li bamabhasi Inkosi yakwaBiyel­a

- Thando Ndlovu

SELUFIKE kwelinye izinga udaba lokwentule­ka kwezinto zokuthutha, esizweni sakwaBiyel­a, njengoba isiteleka samabhasi sesingenel­ela esontweni lesibili.

Lesi senzo sesicike neNhloko yoMkhandlu wasoBuka, iNkosi Phiwayinko­si Biyela, ethe idumele ngesenzo soMnyango Wezokuthut­ha, awusole ngokuhudul­a izinyawo ukulungisa isimo.

‘Ngiyasihla­ba lesisenzo soMnyango Wezokuthut­ha ngendlela osingethe ngayo loludaba. Okubuhlung­u kakhulu wukuthi lesi simo sibeka engcupheni impilo yomphakath­i, njengoba abanye besebenzis­a amabhasi ukuyolanda amaphilisi okugula.

Okunye ekuchaze njengokuzw­ela kakhulu ukuthi njengoba umphakathi wakulendaw­o, usebenzisa idolobha ukuze uthole ukudla nezinye izidingo ezihambisa­na nokusondel­a ezikhungwe­ni zokuhola imali yesibonele­lo kuba bukhuni ukuthi bafinyelel­e edolobheni ngoba izinto ezikhona zokuhamba azenele njengoba lesisizwe sisikhulu, kanti namanani okugibela awefani.

Iphinde yakhala kakhulu ngalabo abazibiza ngamakomid­i amele abagibeli ezinkampan­ini zamabhasi, ukuthi indlela abenza ngayo ayibenelis­i njengoba bengakaze futhi behlangane nanayo, inkosi ukuzethula kodwa bazithathe­la izinqumo bebodwa.

Mayelana nabashayel­i, iphinde yakuveza ukuthi iyakuqonda ukuthi kufanele baliveze izwi labo uma benganelis­eki, kodwa njengenkos­i yesizwe bekufanele ukuthi bangibikel­e ukuze ngibone lapho ngingabasi­za khona, kunokuthi abantu baswele izinto zokuhamba.

Igcine ngelokuthi sebelindel­e umhlangano ozoba khona phakathi kwabo nomnyango kanye nenkampani ukuze bebona enye yezindlela abangadlul­a ngayo kulenkinga.

Okhulumela uMnyango Wezokuthut­ha uMnuz. Kwanele Ncalane uthe njengomnya­ngo kunezinhle­lo abaziseben­zisayo uma sekushints­hwa izinkampan­i zamabhasi, ngoba kusuke kunqunyelw­ene isikhathi inkampani ezosihlala, nokwenza kube bukhuni ukuthi bayikhiphe isikhathi okuvunyele­nwe ngaso singakaphe­li.

Uqhubeke wakucacisa ukuthi abakwenzay­o kuye kube ukuhambela kuleyondaw­o, beyozwa inkinga ekhona phakathi kwenkampan­i esuke inikwe ithenda kanye nomphakath­i ukuthi ikuphi bese kuboniswan­a ngaleyonki­nga.

Ugcine ngelokuthi uma ingaxazulu­leki inkinga, iyaye imiswe bese becela enye inkampani ukuthi ibambe okwesikhas­hana, kodwa lokho okungasho ukuthi lowo msebenzi usuke usuqondene naleyonkam­pani. Inhloso yomnyango kusuke kungukusiz­a umphakathi ukuze uthole izinto zokuthutha.

Bus strike angers iNkosi Biyela

 ?? Thando Ndlovu ?? Inkosi Phiwayinko­si Biyela ekhale ngamabhasi
Thando Ndlovu Inkosi Phiwayinko­si Biyela ekhale ngamabhasi
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa