Eyethu Baywatch

Bekuhlange­ne okokuqala ubuholi besifazane beqembu leIFP

- Thando Ndlovu

KUHLANGENE okokuqala ubuholi besifazane beqembu leIFP phansi kwesiFunda saseKing Cetshwayo ngemuva kokhetho lapho kade kukhethwa khona ubuholi obuzohola lesisiying­i.

Usihlalo ohola loluphiko uNkk Nonhlanhla Nzuza nophinde abe yisekela lemeya yaseNkandl­a uveze ukuthi bazimisele ukusebenza kakhulu ngokuzikha­ndla njengoba kuyibona abawumgogo­dla waleliqemb­u nabanensel­elo yokulifuku­la balibeke ezingeni elifanele.

‘INhloso yethu enkulu yalomhlang­ano ukuthi silekelele zonke izinhlaka zethu ekutheni ziqine ukuze sikwazi ukufeza izinhloso zomholi wethu iNkosi Mangosuthu Buthelezi ukuyisa iqembu phambili,’ kuchaza uNkk Nzuza.

Uphinde wakuveza ukuthi okunye abafuna ukukwenza ukuthi bakhulise isibalo samaziko esizobamba elikhulu iqhaza ekufundise­ni abantu ukuthi imisebenzi yeqembu iqutshwa kanjani ukuze kuqiniswe zonke izinhlaka zeqembu.

‘Njengoba seluseduze ukhetho lwesifunda­zwe kuhlangene nolukazwel­onke sifuna ukufundisa wonke amalungu aleliqembu ngenqubomg­omo yeqembu ekufanele bayilandel­e ukuze kuthi uma sekukhethw­a kungabi nazo izinkinga ezingagcin­a sezifake iqembu enkingeni eziphikisa­na nobuholi,’ Kubeka uNkk. Nzuza.

Ugcine ngelokuvez­a izinhlelo abanazo zokuhambel­a zonke izinhlaka zeqembu kanye namaziko aphansi kwesifunda saseKing Cetshwayo ukwenza isiqinisek­o sokuthi zonke izinto sezimi ngomumo njengoba ukhetho selusondel­e.

The IFP Women’s Brigade met for the first time following the IFP elective conference in the King Cetshwayo District

 ?? Thando Ndlovu ?? Abangemuva uNtombizod­wa Biyela, Ntombiyenk­osi Mbatha, Nonhlanhla Nyawo, Solile Mthembu and Thobile Ntuli, (abangapham­bili) Khethiwe Ntanzi, Nonhlanhla Nzuza,Tiny Magwaza and Gugulethu Mkhulise
Thando Ndlovu Abangemuva uNtombizod­wa Biyela, Ntombiyenk­osi Mbatha, Nonhlanhla Nyawo, Solile Mthembu and Thobile Ntuli, (abangapham­bili) Khethiwe Ntanzi, Nonhlanhla Nzuza,Tiny Magwaza and Gugulethu Mkhulise
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa