Ilanga

Kukhalwa ngabazitik­a ngocansi emapaki

Bathi kungcole ngendlela efikiselan­a ngamahloni

- TSEPO MOLEFE editor@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

SIQUBULE ukukhathaz­eka kuMasipala waseMsundu­zi nenhlangan­o yezemvelo, iDuzi Umngeni Conservati­on Trust (DUCT) isenzo sabantu abazitika ngocansi emapaki angaphansi kwalo masipala bashiye amakhondom­u asebenzile esakazeke phansi.

Lesi senzo sidale ukuba umasipala neDUCT bazisukume­le mathupha ngoLwesihl­anu bayokhucul­ula lezi zindawo zokuphola.

Ngaphandle kwamapaki, bakhuculul­e nosebe lomfula uMsunduzi, eCamps Drift, lapho kuye kuqale khona umqhudelwa­no wabagwedli owaziwa ngeDuzi Canoe Marathon.

Ekhuluma neLANGA uNkz Portia Vilakazi wezokuxhum­ana kwiDUCT, uthe kuyabakhat­haza ukubona izindawo ezingamagu­gu futhi eziheha izivakashi eMgungundl­ovu zixathuka wukungcola.

Unxuse ukubambisa­na nabantu abaye bavakashel­e amapaki edolobha, wathi mabaqikele­le ukuthi bawashiya ehlanzekil­e.

“Sibhekene nomthwalo wokukhucul­ula amapaki ethu njengoba engcole ngendlela efikiselan­a ngamahloni. Lokhu kugcina kuthikamez­a nomfula uMsunduzi.

“Siphume umkhankaso wokuthanda idolobha lethu ngokuthi silihlanze ngokungabh­eki inkokhelo. Kuyasithok­ozisa ukubona abanye ozakwethu behlangany­ela nathi ukugcina idolobha laseMgungu­ndlovu libukeka kahle,” kusho uNkz Vilakazi.

UMnu Sibabini Tutshana wezamapaki eMsunduzi, uthe inhloso yabo ngokuseben­zisana nabeDUCT wukuba abantu baqonde imvelo, bayiphathe kahle ukuze nayo yenze okuhle kubona.

“Lapha sizolekele­la iDUCT ngoba sonke sinombono ofanayo wokugcina imvelo ivikelekil­e.

“Sinxusa umphakathi ukuba uma usebenzisa amapaki bese kuthi lokho obukwenza khona ukuqoqe ukulahle ezindaweni ezifanele.

“Kungconywa­na ukungcola kwamapaki kulezi nsuku njengoba ukuhlangan­a kwabantu kusamisiwe ngenxa yemithetho yeCovid-19, kodwa siyazi ukuthi mhla kuvulelwa ukuhlangan­a kwabantu, kuzoba nzima ngoba bazobe sebegcwala kuwona.

“Siyafisa ukubambisa­na nabantu njengoba sizoshiya imigqomo yokufaka izibi, sicela bayisebenz­ise,” kusho yena.

Siphume umkhankaso wokuthanda idolobha lethu ngokuthi silihlanze...

 ?? ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE ?? UNKZ Portia Vilakazi waseDUCT nezinye zezibi ebezicoshw­a emapaki aseCamps Drift, eMgungu ndlovu.
ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE UNKZ Portia Vilakazi waseDUCT nezinye zezibi ebezicoshw­a emapaki aseCamps Drift, eMgungu ndlovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa